Kuboshwe ikhehla nomunye umlisa ngokuqola abantu ku-ATM
Bazovela eNkantolo ngoMsombuluko ozato abesilisa ababoshelwe ukuqola abantu kuma-ATM eNtabankulu.
Abasolwa bebezolinda eduze kwama-ATM, benze sengathi basiza abantu ekukhipheni imali.
Babecela izisulu ukuthi “zishintshisane” ngemali ezisanda kuyikhipha, zizinike amanothi omgunyathi kuyilapho zithatha imali yangempela yesisulu.
Abantu abangenacala, ababefisa ukuvikela imali yabo kaDisemba, bashiywa begetshengwa futhi bekhala.
Kulaba basolwa kubikwa ukuthi kukhona ikhehla, umuntu oseneminyaka enza lobu begebengu.
Abanye baze bamhawukele, bethi: “Usekhulile, myeke ahambe.”
Kodwa iqiniso elibuhlungu ukuthi uma ededelwa, uzovele athuthele kwenye indawo aphinde akhohlise abantu
Ubugebengu abupheli.
Manje, icala lizoqulwa enkantolo.
Kuyithuba lokuthi ubulungiswa bukhulumele izisulu, imindeni elahlekelwe, kanye nomphakathi osaqhubeka nokuhlupheka ngaphansi kwesisindo sokukhwabanisa nokukhohlisa.




