18 Apr 2026, Sat

I-MK Party Ithi uNdunankulu uThami Ntuli Akaphathi Ngokulingana, Ifuna Ahliswe Esikhundleni

Iqembu uMkhonto weSizwe Party (MK Party) lithi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uqasha futhi aphathe izikhundla zikahulumeni ngokungalingani nangokucwaswa, esekela kakhulu izinhlaka zenhlangano ye-Inkatha Freedom Party (IFP) emisebenzini kahulumeni wesifundazwe.

I-MK Party ithi lokhu kuyimbangela yokuthi lifake isiphakamiso sokungabethembi (motion of no confidence) ubuholi bukaNtuli, esizovotelwa ngo Msombuluko mhlaka 15 kuZibandlela.

Ngokweqembu, bafuna uNtuli asuke esikhundleni sokuba uNdunankulu, bavumele bona bathathe izintambo zokuphatha isifundazwe saKwaZulu-Natal, njengoba bethi banikwe igunya ngabantu ngesikhathi sokhetho.

I-MK Party ithi isifundazwe sidinga ubuholi obuzobusa ngobulungiswa, ngokulingana, nangokubheka izidingo zabo bonke abantu bakwaZulu-Natal, hhayi izintshisekelo zeqembu elilodwa.

Ukuvotwa kwalesi siphakamiso kulindeleke ukuthi kube nomthelela omkhulu esimweni sezepolitiki esifundazweni.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *