Kuboshwe iphoyisa elineminyaka engu-27 ngokudlwengula owesifazane-31 obezovula icala lokuhlukunyezwa yisoka lakhe
iphoyisa elineminyaka engu-27 lizovela enkantolo lokudlwengula eRustenburg
Iphoyisa elineminyaka engu-27, elisebenza eSiteshini Samaphoyisa sasePhokeng eRustenburg, kulindeleke ukuthi livele enkantolo ngoMsombuluko, mhlaka 15 December 2025, ngecala lokudlwengula owesifazane obezovula icala lokuhlunyezwa yisoka lakhe.
Kusolwa ukuthi leli phoyisa belibhekene nesikhalazo phakathi kwezithandani, lapho lisola khona ukuthi lahlukanisa laba bobabili, ladedela owesilisa ukuba aye ekhaya eyolanda ipasipoti yakhe, lashiya owesifazane esiteshini samaphoyisa. Kuthiwa owesilisa wacelwa ukuthi alethe ipasipoti yakhe njengoba bobabili beyizakhamuzi zakwamanye amazwe.
Isisulu esineminyaka engu-31 sithi iphoyisa lasongela ngokumbopha, ngaphambi kokuba limthathe liyomngenisa kwelinye ihhovisi ngaphakathi kwesiteshi samaphoyisa, lapho kuthiwa lamdlwengula khona.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke mhlaka 2 December 2025.
Uphiko Oluzimele Oluphenya Amaphoyisa (IPID) lwathatha icala mhlaka 11 December 2025, kanti umsolwa wakhonjwa ngesisulu ngesikhathi sokuhlonzwa (identity parade). Iphoyisa lasolwa laboshwa khona lapho.
Umphenyi usagcinwe esitokisini sesiteshi samaphoyisa sendawo ngaphambi kokuvela kwakhe enkantolo ngoMsombuluko.

