UWelile Mchunu uphekele abahlala emgwaqeni ngosuku lukaKhisimusi eMtubatuba
UWelile Mchunu wodumo lwekhishi nowaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, uthole ukunconywa okukhulu ngabantu abaningi ngemuva kokuphekela abahlala emgwaqeni ngosuku lukaKhisimusi eMtubatuba.
Ekhuluma ngalesi senzo, uWelile uthe wenze lokhu ngenhloso yokubuyisela emphakathini, wagcizelela ukuthi impumelelo yakhe ayizange ize yodwa. Uveze ukuthi naye uye wasizwa kakhulu ngabantu, ikakhulukazi labo abamesekayo ngokuthenga ukudla ekhishini lakhe nangokumlandela ezinkundleni zokuxhumana.
Lesi senzo sika Welile sihlonishwe kakhulu ngabantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana , abancome uWelile ngokuba yisibonelo esihle sokuphana, ubuntu nokukhumbula abaswele, ikakhulukazi ngezikhathi zemikhosi efana noKhisimusi.




