18 Apr 2026, Sat

USekela Meya wase Mgungundlovu kuthiwa wadayisa ama-JoJo tanks okusiza izakhamuzi

Izinsolo ezibhekiswe kuSekela Meya waseMgungundlovu District

Kuqubuke izinsolo ezibhekiswe kuSekela Meya uSbongile Dlamini wase Mgungundlovu District Municipality, lapho kuthiwa wadayisa amathangi amanzi (JoJo tanks) okwakuhloswe ngawo ukusiza izakhamuzi zase Mooi River.

UMlungisi kaMancinza, we-MK Party kanye neLACO, ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ethi kuthiwa la mathangi athathwa, amanye adayiswa kanti amanye kuthiwa anikezwa abantu abathile abavumelana naye ngaphakathi kwi ANC, kanti abanye kuthiwa bawathole ngaphansi kwe-ANC Women’s League.

Le mibhalo iphinde ithi kuthiwa akagcinanga lapho, kodwa uphinde waqasha amalungu omndeni wakhe, nokuthi umndeni wakhe kuthiwa ubhuza eMgungundlovu. Kuthiwa okwamanje akasekho eMgungundlovu District, kodwa usephesheya kwesinye isifunda esibizwa ngoDlamini District.

Kubalulekile ukugcizelela ukuthi lezi yizinsolo ezivezwe emphakathini, futhi akukakabikho isitatimende esisemthethweni noma isinqumo sezomthetho esiqinisekisa lezi zinsolo. Kusalindwe ukuphenywa okugcwele noma impendulo esemthethweni kubathintekayo.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/1D4Z56bzKu/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *