Owesilisa waseHluhluwe uthi wagwetshwa ngamacala angu-5 okudlwengula angawenzanga
Usizi Lwensizwa YaseHluhluwe Eyagwetshwa Ngamacala Awu 5 Okudlwengula Kodwa Ithi Ayizange Iwenze.
*Ngonyaka ka 2017 laphaya endaweni yaseHluhluwe (KZN) endaweni yaseMakhowe, kunensizwa okuthiwa nguThanduxolo Manganyela eyaboshwa ngomhlaka 27 December 2023, kwavele kwafika amaphoyisa ayigxavuna ahamba nayo, yathi uma ibuzwa ukuthi kwenzenjani, yatshenwa ukuthi iboshelwa icala lokudlwengula eyalenza ngo 2017 lapho khona okuthiwa yadlwengula intombi yayo eyayithandana nayo ngawo u 2017. Intombi lena okuthiwa wayidlwengula umfokaManganyela nayo ngeyakhona eHluhluwe, sebenesikhathi eside kakhulu lomfo wehlukana nayo lentombi.
*Kwathi uma evela enkantolo umfokaManganyela baphinda bengeza futhi amanye amacala awu 4 okudlwengula futhi, kwase kusho ukuthi useboshelwe amacala awu 5 okudlwengula. Laba abanye abawu 4 kwathiwa wabadlwengula otshwaleni la abaphuza khona, kwathiwa wabadlwengula ngezinsuku ezahlukene. Waboshelwa kanjalo amanqina enyathi umfokaManganyela engenze lutho. Kuthiwa yenziwa iDNA okokuqala ngo 2023 esanda kuboshwa uManganyela, yabuya yakhomba ukuthi uManganyela akalenzanga icala, wabuya futhi umseshi ngomhlaka 12 December 2024 wazomthatha amanye futhi ama samples eDNA.
*Okuxaka kakhulu wukuthi bonke lababantu okuthiwa uManganyela wabadlwengula, bathi bona bayabazi abantu okuyibo ababadlwengula, bathi akusiyena uManganyela, kodwa phezu kwakho konke lokho iMantshi enkantolo yaseMtuba yaqhubeka yamgweba uManganyela. Kuyona yonke le process uManganyela usedliwe inqwaba yemali elokhu ekhokha kodwa kungenzeki lutho. Kwi docket lecala lakhe uManganyela kwakungabhaliwe amagama akhe, nokusolisa sengathi leli docket laliqondene nomunye umuntu hhay uManganyela, kodwa icala lagcina ligudla naye uManganyela.
*Kuwona wonke lamacala, uManganyela ugcine egwetshwa ngonyaka odlule (2025), icala ngalinye lamgweba u 10 years, kwase kuthi elinye lamgweba u 15 years, okusho ukuthi uManganyela ugwetshwe o 10 years abawu 4 kanye no 15 years owodwa. Imantshi yabe seyithi zonke lezigwebo uzozidonsa ngokuhlukana, okusho ukuthi uManganyela ugcine esegwetshwa 55 years ebhadla ejele. Omunye okuthiwa yamdlwengula lensizwa wayitshena inkantolo ukuthi yena wadlwengulwa wumuntu owayesuka naye ematshwaleni bahamba bayolala endlini yakhe lo wesifazane, uthi yena wayezitshena ukuthi yindoda yakhe le akalele nayo, uthi wabona ekuseni isihamba lendoda ukuth haibo kanti ubani lo ebengilele naye ubusuku bonke senza ucansi ngoba akuyona indoda yakhe! Bonke lababantu bowu 5 okuthiwa badlwengulwa nguManganyela abasezindaweni ezehlukene, kwehlukene ngisho amadolobha abo, kodwa amacala abephethwe wumseshi oyedwa. Kwathi noma esekhalaza uManganyela enkantolo ethi ucela kuze bona umseshi wecala kanye nodokotela obehlola lamantombazane, kodwa inkantolo yathi uzobenzani.
*Udaba,ke lokuboshwa kwakhe uManganyela luhlangene nezepolitiki, kwakuzoba ne bi-election ngakubo futhi kwase kubonakala ukuthi uManganyela uzowudla umhlanganiso lapha ebukhanseleni, wase ekhandelwa uzungu kwathiwa akaboshwe, kwakhandwa intombi yakhe yakudala kwathiwa ayiqambe amanga ithi uyidlwengulile, emva kwalapho wase enindwa ngalana amanye amacala. Uboshwa nje uManganyela ushiya izingane zakhe eziwu 9 sezizonke kanye nomama wakhe osephila ngokugula, kanye nezimoto zakhe eziwu 3 osekusolakala ukuthi umphakathi usuyazenzela empahleni yakhe njengoba eseboshiwe.
*Lensizwa icale noma ngabe ubani ongaba nosizo eyitakule kulenkinga ebhekene nayo yokugqunywa ejele iminyaka eminingi kangaka ngamacala engazange iwenze. Umndeni wayo ucela usizo kubammeli or kuzazimthetho ukuthi okungenani efakelwe isicelo sokuthi izigwebo lezi ezidonse kanye kanye ukuze kube u 15 years kuphela.
*Nayo intombi lena okwakungeyakhe umfokaManganyela siyayicela ukuthi ingavumi ukudlala abantu imhlanganyele nezitha zakhe.


#NB – Esithombeni iyona lensizwa yakwaManganyela, kwesinye isithombe yayimi nomama wayo. Kuyimanje lensizwa idonsa isigwebo sika 55 years ejele laseQalakabusha eMpangeni.
https://m.facebook.com/story.php?story_fbid=pfbid02YFW13ugeF7X28QcGn7BtNzCfxQv6tnJJkc6xYenRpFThyw7zmyPL4yF67n9G9KBVl&id=61580829666949&mibextid=Nif5oz
Umthombo:

