Kusolwa iphoyisa ngokunganaka umakhalekhukhwini kunokunaka umphakathi eGallomanor Police Station
Kusolwa ukuthi elinye iphoyisa eGallomanor Police Station belimatasatasa ngomakhalekhukhwini walo lingabasizi abantu bomphakathi abebefuna usizo.
Ngokusho kwalabo abebekhona, kuthiwa leli phoyisa libatshele ukuthi babike noma yiziphi izikhalo zabo kuGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.
Lezi zinsolo sezivuse ukukhathazeka ngomsebenzi wamaphoyisa kanye nokubaluleka kokuthi umphakathi uthole usizo olusheshayo uma uludinga.

