UNokwanda Mngomezulu (21) ubulawe yisoka ayethandana nalo ngemuva kokumthembisa umsebenzi
Kubikwa ukuthi uNokwanda Mngomezulu (21) wakwaNongoma ushone kulandela isigameko esesabekayo okuthiwa sibandakanya isoka ayekade ethandana nalo.
Ngokwemininingwane esabalale emphakathini, uNokwanda kuthiwa isoka wayeseliivulele i-protection order ngoba ubengasafuni ukuqhubeka nobudlelwano nalo. Kuthiwa lo mlisa wamthembisa umsebenzi eDurban, wathi makaye khona ukuze ayothola lowo msebenzi.
Kuthiwa uNokwanda wagibela itekisi ebheke eThekwini, kodwa endleleni wajika wabuyela ekhaya ngoba ezizwa engakhululekile futhi enokwesaba, njengoba kubikwa ukuthi lomlisa wake wamhlukumeza phambilini. Kodwa ngakusasa, kuthiwa waqinisa isibindi waphinde waya ngenhloso yokufuna umsebenzi.
Kubikwa ukuthi wafika endlini yalomlisa ebusuku. Kuthiwa ngesikhathi esekhona, kwakhala ucingo, Umlisa othile wafona nge-video call. Lokho kuthiwa kwabangela umona omkhulu kuye, kwase kwathi lomlisa wamhlasela wambulala. Ngemva kwalokho, kusolwa ukuthi wamshiya endlini eseSiphingo wase ehamba ebuyela kubo.
Kuthiwa umsolwa wagcina eboshiwe ngemuva kokuthi ikhansela lendawo labiza amaphoyisa. Amaphoyisa kulindeleke ukuthi aqhubeke nophenyo futhi aveze imininingwane esemthethweni mayelana nalolu daba.
Lesi sigameko siphinde savusa ukukhathazeka ngomkhuba wokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nodlame lobudlelwano. Umphakathi unxuse ukuthi kuqiniswe ukuvikelwa kwabantu abanama-protection order nokuthi izithembiso zomsebenzi zingasetshenziswa njengendlela yokubamba izisulu.
Uma kukhona obhekene nodlame noma esaba ukuphepha kwakhe, kubalulekile ukufuna usizo ngokushesha ngokuxhumana namaphoyisa noma izinhlangano ezisekela izisulu zodlame.

