Ingane eyodwa ishonile, ezingu-14 zilimele engozini yetekisi eMount Moriah
Kubikwa ukuthi kushone ingane eyodwa kanti ezingu-14 zilimele kulandela ingozi yetekisi eyenzeke izolo endaweni yase Mount Moriah eduze kwaseThekwini.
Ngokusho kwemibiko, le tekisi ibithwele izingane ibuyela nazo ekhaya isuka e-day care ngesikhathi kwenzeka le ngozi. Kuthiwa inkinga ibe kuma-brake etekisi, okucatshangwa ukuthi ahlulekile ukusebenza kahle kwaholela ekutheni umshayeli alahlekelwe wukulawula imoto.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko baphuthuma ukusiza abalimele, kanti izingane ezilimele ziphuthunyiswe ezibhedlela eziseduze ukuze zithole usizo lwezempilo.
Lesi sigameko sidale ukukhathazeka okukhulu emphakathini njengoba kuthinte izingane ezincane. Amaphoyisa kanye nabaphenyi basaqhubeka nophenyo ukuze kutholakale imbangela ephelele yengozi.
Umphakathi ukhuthaza abanikazi bezimoto ezithwala abagibeli, ikakhulukazi lezo ezithwala izingane, ukuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zihlolwa njalo ukuze kugwenywe izingozi ezifana nalezi.
#IzindabazeSambane #SibuyaNazoZishisakwiSAMBANE #IsambaneNews #SibuyaNazoZishisa #news #izindaba #localnews

