Ingozi Ebandakanya Ibhasi Nemoto Encane Ku-N6 Ishiye Abahlanu Beshonile
Kuphenywa ngengozi embi eyenzeke ku-N6 phakathi kwe Stutterheim ne East London eEastern Cape, lapho kushayisane khona ibhasi ebelithwele abantu base Zimbabwe abangu-60 nemoto encane yohlobo lwe Volkswagen Polo ebigibele abantu abahlanu.

Ngokwemibiko yokuqala, bonke abantu abahlanu abebegibele emotweni encane bashone endaweni yesigameko ngenxa yokulimala kanzima ngesikhathi imoto ishaya ibhasi.
Kubikwa ukuthi ebhasini kulimale abantu abangaba ngu-60, kanti abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bazophuthumisa abalimele ezibhedlela eziseduze ukuze bathole usizo lwezempilo.
Amaphoyisa eSouth African Police Service aseqalile uphenyo ukuze kutholakale imbangela yale ngozi, kanti izikhulu zicele abashayeli ukuthi baqaphele kakhulu emigwaqweni.
Eminye imininingwane izokhishwa njengoba uphenyo luqhubeka.

