Abafundi BaseMajuba TVET Bathole Ama-Voucher Egrocery Kwi-IFP
Injabulo ibonakale emehlweni kubafundi base-Majuba TVET College ngesikhathi behlomula ngama-voucher egrocery anikezwe iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP).
Abafundi basekolishi bakhiphe ukubonga kuNobhala we-IFP KwaZulu-Natal, Xolani Dube, kulandela lesi sinyathelo sokubasekela ngezinsiza zokuthenga ukudla. Bathi lokhu kubasize kakhulu njengoba kwesinye isikhathi imali ye-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ingena sekudlule isikhathi noma abanye abafundi bangayitholi nhlobo.
Abaholi benhlangano yabafundi ye-South African Democratic Students Movement (SADESMO) eMajuba bathe lesi sinyathelo senziwa ngenhloso yokunakekela inhlalakahle yabafundi, njengoba bengabantu ababalulekile emphakathini futhi beyikusasa lezwe.
Baphinde bathi bazimisele ukuqhubeka nokweseka abafundi lapho kunesidingo khona, ikakhulukazi kulabo abahlangabezana nobunzima bezimali ngesikhathi befunda.





