30 May 2026, Sat

Kufunwa Abesifazane Ababili Abasolwa Ngokuntshontsha Isikhwama Semali

Kufunwa Abesifazane Ababili Abasolwa Ngokuntshontsha Isikhwama Semali

Amaphoyisa afuna abesifazane ababili abasolwa ngokuntshontsha isikhwama semali somunye umuntu e-Sunnypark Mall.

Ngokwemibiko, laba besifazane bathatha ikhadi lemali elalisesikhwameni base behubhudla imali engango-R2,000.

Kuthiwa umnikazi wesikhwama ubesezothenga ngesikhathi eqaphela ukuthi isikhwama sakhe sintshontshiwe, wabe esetshela abasebenzi kanye nemenenja yesitolo ngalolu daba.

Ngesikhathi kubhekwa amakhamera okuqapha, laba besifazane kubikwa ukuthi babonakale besithatha isikhwama. Ngemuva kwalokho kuthiwa baya e-Watloo Meat lapho okuthiwa badle khona inyama baphuza notshwala besebenzisa ikhadi elintshontshiwe.

Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ngalolu daba futhi acela noma ubani onolwazi olungasiza ekutholeni laba besifazane ukuthi axhumane nawo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *