Kushaywe kwabulawa isihlobo (34)ngemuva kokuogenca ugogo(85) ngobhushu
Uthi usinde ngokulambisa egengcwa ngobhushu uThokozile Khowa oneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu (85) waseZingolweni eManzamhlophe kuwadi 08 ngaphansi kwamasipala iRay Nkonyeni.
Ngokusho kwesaguga uthi uSphelele Mbali oneminyaka engu-34 ubudala, uyisihlobo kulo mndeni, wafika endlini njengenjwayelo wacela ukudla, wabe eseyamjikela wamfuna imali.
Uthi wathola uR500, kodwa waqhubeka wamshaya wamgengca nangobhushu ethi ufuna enye.
Umndeni kaSphelele Mbali (34) ukhuluma ne-1KZNTV uthi umufi ubuyele kubo, wafika waba nodlame oluyisimanga, kangangoba bamshaya waze washona ngephutha bethi bayamnqanda.
Umama kaSphelele ekhuluma neziko lezindaba ze1KZNTV uthi umufi ubewumuntu ohluphayo kakhulu.
Ubaba kamufi uboshiwe ngalesenzo, waphinde wadedelwa.



Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1KgP4BgXeC/

