30 May 2026, Sat

OPhongolo kunothisha olala nabafundi,ebaphoqe ukukhipha izisu

OPhongolo kunothisha olala nabafundi,ebaphoqe ukukhipha izisu

Umphakathi wasoPhongolo, KwaZulu-Natal ukhala ngothisha osolwa ngokulala nabafundi nokubaphoqa ukukhipha izisu

Umphakathi wasoPhongolo eTsejuba ukhombise ukukhathazeka okukhulu ngezinsolo ezibhekiswe kuthisha wesikole i-Sigqamisa High School, okusolwa ukuthi ulala nabafundi bese ebaphoqa ukuthi bakhiphe izisu.

Ngokusho komphakathi, izolo mhla ka-16 kuNdasa, izakhamuzi zibuthene esikoleni ngenhloso yokufuna ukuxoxa nothisha okukhulunywa ngaye. Kusolwa ukuthi lo thisha akasagxili emsebenzini wokufundisa, kodwa usehlale ematasatasa nabafundi, abamithisayo bese ebaphoqa ukuthi bakhiphe izisu.

Kuthiwa akugcini lapho, kodwa futhi usolwa ngokusabisa lezi zingane ngokuthi uzobabulala uma zivula amacala noma zikhuluma ngalokhu okwenzekayo.

Uthishanhloko usolwa ngokumsiza ukubaleka

Umphakathi uthi lo thisha ubebanjiwe, kodwa uthishanhloko kuthiwa umsize wabaleka ngemoto phambi kwamehlo abantu. Abanye bathi bambone ephuma ngesikole ngefasitela ehamba nothishomkhulu.

Imizamo yokuthola ukuphawula kothishanhloko, Mlotshwa, ayiphumelelanga njengoba kuthiwa uthole imiyalezo kodwa wangaphendula, waze wayeka nokuthatha izingcingo.

Izinsolo zithi sekunesikhathi kuqhubeka

Umphakathi uthi le nto sekunesikhathi iqhubekakulesi sikole, futhi bafuna kuthathwe izinyathelo ngokushesha.

Kukhula ukukhathazeka ngezenzo zothisha ezikoleni

Abahlali bathi le nkinga ayigcini kulesi sikole kuphela, njengoba kukhona neminye imibiko ethi nakwezinye izindawo, okubalwa kuzo i Ncotshane, kukhona othisha abagila imikhuba efanayo.

Umphakathi uthi uzobuya

Umphakathi uveze ukuthi uzobuyela futhi esikoleni ukuze uphenye kabanzi ngalolu daba, uqoqe ubufakazi futhi uqinisekise ukuthi iqiniso liyavela.

Indaba ibikwe ngu Mnelisi Juba Ngema (@Mc Juba)

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *