Ugwetshwe iminyaka engu-20 owesilisa (24) owadlwengula ingane (3) eCreche
Inkantolo kaMantshi eBloemfontein isigwebe iminyaka engu-20 ejele owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala, ngemuva kokutholakala necala lokudlwengula ingane eneminyaka emithathu enkulisa.
Kuthiwa lo mlisa ubesebenza kule nkulisa epheka futhi enza neminye imisebenzi. Kubikwa ukuthi wangena nengane endlini yangasese, lapho ayidlwengula khona. Ingane yazama ukubaleka ingaqokile, kodwa umsolwa wayilandela wayishaya ngaphambi kokuyigqokisa futhi.
Ngemuva kwalesi sigameko, umgilwa wabikela unina okwenzekile, yena wamphuthumisa emtholampilo lapho odokotela baqinisekisa khona ukuthi ingane idlwenguliwe.
Umsolwa ulivumile icala lakhe enkantolo.
Kuphinde kwatholakala ukuthi umnikazi wenkulisa, ongubabekazi walo msolwa oneminyaka engu-60, naye unephutha lokunganaki nokwehluleka ukuvikela ingane. Ugwetshwe ukwenza umsebenzi womphakathi. Le nkulisa ibisebenza ngokungemthetho, futhi isivaliwe.
Lesi sigameko sabikwa emaphoyiseni ngunina kamgilwa, kanti umsolwa waboshwa mhla ziyi-10 kuNhlaba 2024.

