Amalunga emindeni emithathu asale edabukile ngesikhathi kufihlwa ngesizotha izihlobo zabo ezashona zakhukhulwa umfula uMfenebunde, kuWard 13 ngaphansi kukaMasipala waseMsinga, emasontweni adlule.
Kubikwa ukuthi laba bantu bashona ngesikhathi bezama ukuwela ibhuloho ngesikhathi umfula ugcwele, okwaholela ekutheni bakhukhulwe ngamanzi.
UMeya kaMasipala waseMsinga, uDkt Cllr FJ Sikhakhane, uhambele inkonzo yomngcwabo lapho eduduze khona imindeni elahlekelwe. Uveze ukuzwelana okukhulu waphinde wathembisa ukuthi umasipala uzosebenzisana nezinhlaka ezithintekayo ukuze kutholakale izixazululo zokulungiswa kwamabhuloho.
Uthe lokhu kuzoba umzamo wokugwema izingozi ezifanayo esikhathini esizayo, njengoba lezi zibhuloho zingabeka impilo yabantu engozini uma kunezikhukhula.
Umphakathi nawo ucele ukuthi kusheshiswe ukulungiswa kwengqalasizinda ukuze kugwemeke ukulahleka kwemiphefumulo.

