15 Apr 2026, Wed

Ingane yentombazane ishaywa njalo, ubusuku nemini y-istep mother sayo

Ingane yentombazane ishaywa njalo, ubusuku nemini y-istep mother sayo

Kukhona ukukhathazeka okukhulu emphakathini ngendaba yengane okusolwa ukuthi ihlala ngaphansi kokuhlukumezeka ekhaya lapho ihlala khona nonina wesibili (step mother).

Kubikwa ukuthi le ngane ishaya njalo, ebusuku nemini, kuthiwa futhi kwesinye isikhathi lo wesifazane uyayinyathela entanyeni, okuyinto ebeka impilo yayo engozini enkulu.

Abantu abaningi sebebonise ukudabuka nokukhathazeka, bethi le ngane ibonakala iphila kanzima futhi ithwele ubuhlungu obukhulu bokuhlukunyezwa.

Umphakathi unxusa ukuthi iziphathimandla ezifanele zingenelele ngokushesha ukuze kuphenywe lolu daba futhi kuvikelwe le ngane, njengoba ukuhlukunyezwa kwezingane kuwicala elibucayi elingamukelekile emphakathini.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *