27 May 2026, Wed

Abalimi bagwetshwe udilikajele ngokubulala isisebenzi sepulazi

Abalimi bagwetshwe udilikajele ngokubulala isisebenzi sepulazi

INkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika, i- High Court of South Africa (Gauteng Division, Pretoria), isigwebe abalimi abathathu udilikajele ngamunye kulandela ukutholakala benecala lokubulala ngenhloso uDumisani Phakathi, owayehlala futhi esebenza epulazini.

Abagwetshiwe ngu Jaco Wessels Kemp (36), Louise Coetzee (29) kanye no Gert Frederik van der Westhuizen (38). Inkantolo iphinde yabamemezela njengabangafanele ukuphatha izibhamu, yabayala ukuthi banikele zonke izibhamu, izinhlamvu, amalayisense kanye nezimvume kumphenyi wecala.

Ngokomlando wecala, mhla ziyi-16 kuMandulo 2023 laba abathathu babebambe i-braai epulazini lezinkukhu eMamokgalieskraal ngesikhathi bebona uPhakathi edlula ngasesangweni lepulazi eya kothatha amanzi emseleni osetshenziswa umphakathi. Kubikwa ukuthi bamsukela bamshaya, base bemhudulela endaweni yokugcina impahla epulazini lapho udlame lwaqhubeka khona kwaze kwaba yilapho eshona ngenxa yokulimala okukhulu.

Ekuseni ngovivi mhla ziyi-17 kuMandulo 2023 cishe ngo-02h00, uKemp noCoetzee bamiswa ngamaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokuhlola izimoto emgwaqeni uR511 oya e Brits. Imoto yabo ibithwele izikhwama zikadoti ezimnyama. Ngesikhathi amaphoyisa ehlola, abone imilenze yomuntu iphumele ngaphandle kwezikhwama. Kwathi lapho kuqhubeka uphenyo bathola isidumbu sikaPhakathi sigcwele igazi, ikhanda lifakwe ipulasitiki. Laba bobabili baboshwa khona lapho.

Owesithathu, uVan der Westhuizen, wazinikela emaphoyiseni mhla ziyi-19 kuMandulo 2023 ngemva kokuthi uphenyo lumxhume naleli cala.

Enkantolo, bonke abasolwa baphika icala bazama nokusolana phakathi kwabo. Nokho, umshushisi kahulumeni, u-Advocate Lawrence More, wethule ubufakazi obuqinile obafakazela icala ngaphandle kokungabaza.

Ngesikhathi becela isijeziso esincane, abasolwa baveza ukuthi sebechithe isikhathi eside beboshiwe kusukela baboshwa futhi bathi banezingane abazondlayo. Kodwa umshushisi wagcizelela ukuthi udilikajele uyisijeziso esifanele njengoba bebulele umuntu ngaphandle kwesizathu, baphatha umzimba wakhe ngendlela engenabuntu ngokuwufaka ezikhwameni zikadoti ngenhloso yokuwulahla endaweni yokulahla udoti.

Izitatimende zomthelela wobugebengu emndenini womufi zafundwa enkantolo, lapho udadewabo kaPhakathi eveze khona ukuthi lesi sigameko simenze wangasathembi abantu abamhlophe ngenxa yalokho okwenzeka.

Ekhipha isigwebo, ijaji livumelane nombuso ukuthi laba abathathu abakhombisanga ukuzisola ngalobu bugebengu, wathi ukubulawa kukaPhakathi kwabonakala kwenziwe ngaphandle kwesizathu esicacile, okumenze waphetha ngokuthi kube nobandlululo obungaba yingxenye yalesi sigameko.

Udaba luveza ubunzima obuqhubekayo mayelana nodlame emapulazini kanye nesidingo sobulungiswa kubantu abasebenza noma abahlala kulezi zindawo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *