27 May 2026, Wed

Isangoma (60) sibulale ithwasa maqede sasigcina  isidumbu endlini eJobstown, Newcastle 

Isangoma (60) sibulale ithwasa maqede sasigcina  isidumbu salo endlini eJobstown, Newcastle

Kubikwa ukuthi owesilisa oneminyaka elinganiselwa ku-60, okuthiwa uyisangoma, usolwa ngokushaya ithwasa ngobhushu walibulala, wase egcina isidumbu salo endlini kwaze kwaba yilapho siqala ukunakala. Lesi sigameko kuthiwa senzeke endaweni yase Jobstown, ezitendeni ezintsha.

Ngokwemibiko, umsakazo Lit Radio uthole ulwazi kubalaleli nge-inbox, okwaholela ekutheni intatheli iye endaweni yesigameko. Kuthiwa lapho befika, bathole amaphoyisa kanye nethimba lama-forensics selisebenza, isidumbu sisekhona endlini.

Kubikwa ukuthi umphakathi uthukuthele kakhulu ngesikhathi uzwa ngalesi sigameko, waze wabamba lo mlisa wamshaya waze walimala kanzima. Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bamnika usizo lokuqala njengoba kubikwa ukuthi ubengathi uqulekile.

Lo mlisa uthathwe i-ambulensi wayiswa esibhedlela ukuze athole ukwelashwa. Kulindeleke ukuthi uma eseluleme, avele enkantolo lapho ezobhekana khona necala lokubulala owesifazane osemncane, nakuba kungakacaci ukuthi yini imbangela yokuthi lesi sigameko senzeke.

Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ukuze kutholakale yonke imininingwane ephathelene nalolu daba. Udaba luyaqhubeka.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *