Kuhlukene imibono ngokuvunyelwa kukaDr Nandipha Magudumana ukuya emngcwabeni kanina.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bathi uNandipha Magudumana akufanele anikwe ithuba lokuya emngcwabeni kanina, bethi baningi abantu ababoshiwe abebhekana nezimo ezifanayo kodwa bengavunyelwa ukuphuma ejele ukuyobeka izihlobo zabo.
Lokhu kuza ngesikhathi uMagudumana ebhekene nobuhlungu bokulahlekelwa unina esesejele, lapho abhekene khona namacala ahlobene nokubaleka ejele kuka Thabo Bester. Kubikwa ukuthi ukushona kukamama wakhe kushiye umndeni udabukile kakhulu.

Ngokusho kwemibiko, umndeni usuqalile ukufaka isicelo sokuthi uMagudumana anikwe imvume yokuphuma okwesikhashana aye emngcwabeni ngaphansi kwemigomo yokuzwelana (compassionate leave). Lo mthetho uvumela ukuthi isiboshwa singanikezwa ithuba lokuphuma isikhathi esifushane ngaphansi kwezimo eziqinile, kuye ngokuhlolwa kwezokuphepha nokuziphatha kwesiboshwa.
Kodwa-ke, imibono ihlukene emphakathini, njengoba abanye bekholelwa ukuthi wonke umuntu kufanele aphathwe ngokulinganayo ngaphansi komthetho, kanti abanye bethi isimo sokulahlekelwa umzali sidinga uzwelo kungakhathalekile ukuthi umuntu ubhekene namacala anjani.

UMnyango we Department of Correctional Services kulindeleke ukuthi unqume ngokusemthethweni ukuthi uzosivuma noma cha lesi sicelo, ngokulandela imigomo yokuphepha nemithetho esebenzayo.
Lolu daba luqhubeka luvusa ingxoxo enkulu ezinkundleni zokuxhumana mayelana nobulungiswa, uzwelo kanye nokulingana phambi komthetho.

