30 May 2026, Sat

Owesilisa waseGiyani uthi waxoshwa kwi-March and March ngenxa yolimi lwesiTsonga

Owesilisa waseGiyani uthi waxoshwa kwi-March and March ngenxa yolimi lwesiTsonga

Owesilisa wase Giyani uthi ushaqekile ngesikhathi kuqhubeka imashi eThekwini eyayihlose ukukhuluma ngezinkinga zabokufika, kodwa yagcina iphenduke udlame nokucwaswa ngokobuzwe bolimi.

Lo wesilisa, okuthiwa uTsakisane, uthi wajoyina imashi enethemba lokuthi uzomelana nabanye njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezikhathazekile ngesimo sezwe. Uthi ekuqaleni konke kwakuhamba kahle njengoba abantu behamba ndawonye becula izingoma, bekhombisa ubunye.

Kodwa uthi izinto zashintsha ngokuzumayo lapho abanye beqala ukuhlola abantu ngokuthi bakhuluma isiZulu kahle yini. Uthi ngenxa yokuthi uyiTsonga futhi evela eLimpopo, ulimi lwakhe lwamphoxa njengoba engakwazi ukukhuluma isiZulu ngendlela abanye ababeyifuna.

“Ngijoyine imashi ngiphakamise ikhanda, ngicabanga ukuthi ngihamba nabafowethu. Kodwa izinto zashintsha. Ngabizwa ngamagama amabi bathi ‘kwerekwere’, bengazange bakhathalele ukuthi ngiyisakhamuzi saseNingizimu Afrika esiphethe umazisi,” kusho yena.

Uthi washaywa ngabanye abantu abebehamba nabo emashini, kwaphoqa ukuthi abaleke ukuze asindise impilo yakhe. Uveze ukudabuka ngokuthi imashi ebihloselwe ukuhlanganisa abantu iphenduke indawo yokucwasana phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika ngokwabo.

Uthe kuyadabukisa ukubona izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zihlukunyezwa ngenxa yolimi, wathi lokhu kungaholela ekuhlukaneni okukhulu emphakathini.

Le ndaba isiphinde yavusa inkulumo enkulu mayelana nokubaluleka kobunye phakathi kwezinhlanga nezilimi ezahlukene eNingizimu Afrika, njengoba abaningi bekhuthaza ukuthi kuphele ukucwasana nokuhlukumezana phakathi kwabantu bezwe elilodwa.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *