Umfana oneminyaka engu-14 udutshulwe wabulawa amaphoyisa eDelft
Kushaqise abaningi ngemuva kokuthi umfana oneminyaka engu-14, u Mpendulo Nkonkelela, edutshulwe wabulawa ngamaphoyisa endaweni yase Delft, eKapa ngoLwesithathu ebusuku.
Ngokusho kombiko, uMpendulo ubebuyela ekhaya ehamba nosisi wakhe ngemva kokuyophelezela umngane wakhe. Kuthiwa ngesikhathi behamba, kudlule iveni lamaphoyisa lase lijika labuya libheke kubo lihlehla ngesivinini esikhulu.

Kubikwa ukuthi uMpendulo nosisi wakhe besaba bagcina sebebaleka ngezindlela ezingafani. Amaphoyisa kuthiwa alandele uMpendulo, amdubula ambulala endaweni yesigameko, ase emshiya lapho.
Lesi sigameko sidale ukukhathazeka emphakathini njengoba abantu befuna incazelo ephelele ngokwenzekile nokuthi kungani kudutshulwe umfana omncane kangaka.
Kulindeleke ukuthi i-South African Police Service iqhube uphenyo oluphelele ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni ngempela nokuthi izinyathelo ezifanele zithathwe.
Umphakathi ucele ukuthi kube nobulungiswa futhi iqiniso livele mayelana nokushona kukaMpendulo. ⚖️🕊️💔

