I-Step father (35) sidlwengule ingane encane enonyaka owodwa ubudala eGoli
Amaphoyisa ase Marlboro aphenya icala elibuhlungu lokudlwengulwa kwengane encane enonyaka owodwa ubudala.
Kuthiwa owesilisa ogama lakhe linguPhinias Khoza (35), onguyise (stepfather), usolwa ngokuhlukumeza ngokocansi ingane yentombi yakhe abebehleli nayo endlini abeyiqashile.
Ngokwemibiko, lo mlisa kuthiwa ubesebenzisa ithuba lapho umama wengane ephumile esezitolo. Kubikwa ukuthi lokhu kuhlukumeza kungenzeka kwenzeka kaningi.

Umama wengane kuthiwa ubuyile wathola ingane ikhala kakhulu futhi ilimele kabi, okuholele ekutheni aphuthume abikele amaphoyisa.
Umsolwa ubalekile ngemuva kwesigameko, kanti amaphoyisa aseqalile umkhankaso wokumfuna.
Amaphoyisa acela noma ngubani onolwazi olungasiza ekutholeni umsolwa ukuthi axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashaye inombolo yeCrime Stop.
Lesi sigameko sishaqise umphakathi waseGoli, kanti izakhamuzi zibiza ukuthi ubulungiswa bubonakale ngokushesha.


