UZimiphi “Zimdollar” Biyela usethi khumu ekuphatheni imicimbi kaMaskandi
Umsakazi woKhozi FM,uZimiphi Biyela, umemezele ukuthi useyeka ukuphatha imicimbi yomculo kaMaskandi.
Lokhu kuvezwe esazisweni asibhale ekhasini lakhe likaFacebook, lapho azise khona abahleli bemicimbi kanye nabathandi bomculo ngesinqumo sakhe.
UBiyela, owaziwa kakhulu ngelika “Zimdollar” noma “Mamkhulu”, uthe isinqumo sakhe sibangelwe yimpilo yakhe njengoba ethe “amadolo awasavumi” ngenxa yokuhamba kweminyaka.

Uphinde wabonga bonke abantu abebemxhasa futhi bemmema ukuba abe yingxenye yemicimbi yabo eminyakeni edlule, wagcizelela ukubonga ukubambisana okuhle abenakho nabo.
UZimdollar ungomunye wabantu abahlonishwayo emkhakheni womculo kaMaskandi nasekusakazeni, kanti lesi sinqumo sizoshiya isikhala kubathandi balolu hlobo lomculo.


