15 Apr 2026, Wed

Akasekho emhlabeni uSmangele Dlamini owazilimaza emzimbeni ngomjovo wezidakamizwa 

Akasekho emhlabeni uSmangele Dlamini owazilimaza emzimbeni ngomjovo wezidakamizwa

Kubikwa ukuthi uSmangele ushone ngemuva kokubhekana nezinkinga zempilo ezinzima ezadalwa wukuzilimaza ngomjovo ngonyaka odlule. Kuthiwa waphazama wajova emthanjeni ongafanele entanyeni, okwaholela ekutheni impilo yakhe ishintshe kakhulu.

Ngemuva kwaleso sigameko, uSmangele wayengasakwazi ukujika intamo kahle, kwaphoqa ukuthi uma efuna ukubheka eceleni aphenduke ngomzimba wonke. Kuphinde kwabikwa ukuthi waphinde wahlaselwa wukukhubazeka ohlangothini lomzimba.

Isimo sakhe sibe sibi kakhulu ezinsukwini zakamuva, kwaze kwaholela ekutheni adlule emhlabeni. Kuthiwa konke lokhu kuhlobene nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

Sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *