Amalungu omndeni ashone engozini ku-N1 azobekwa ngoMgqibelo
Amalungu amane omndeni owodwa ashone engozini ngaphandle kwaseModimolle eLimpopo ngoLwesithathu ngesonto eledlule kulindeleke ukuthi angcwatshwe eXikundu ngaphandle kweMalamulele ngoMgqibelo.
UCollins Maswanganyi, umkakhe uPatience, izingane zabo ezimbili nomakhelwane babehamba besuka eGauteng beya eXikundu ngempelasonto yePhasika lapho beshona khona.
Umakhelwane, u-Extra Tlukane, ungcwatshwe ngoMgqibelo.

Okhulumela umndeni, uKhombo Maswanganyi, uthi omunye wabantwana balo mbhangqwana usindile engozini futhi uyalulama esibhedlela.
“Siphatheke kabi kakhulu ngemuva kokuzwa ngale ngozi emsakazweni. Besingazi ukuthi abantu abahilelekile bangabasekhaya lethu. Sidabukile kakhulu ngoba uCollins wayeyinsika yomndeni. NgePhasika, bekufanele siye emshadweni naye nomndeni wakhe, kodwa konke kwaphela ngoba ushone ngesikhathi esendleleni eya ekhaya.”

