27 May 2026, Wed

Kubulawe osolwa ngokuba yilungu le-West Gang eNanda

Kushone owesilisa okusolakala ukuthi uyilungu leqembu lezigebengu elaziwa ngeWest Gang, ngemuva kokudutshulwa amaphoyisa ngesikhathi betholene phezulu ngezibhamu eNanda, KwaZulu-Natal.

Lo wesilisa, okuthiwa ubemaphakathi kweminyaka engu-20, ubefunwa ngamaphoyisa mayelana namacala amaningi okuphanga ngezikhali kanye nezinye izenzo zobugebengu obunodlame.

Ngokusho kolwazi olutholakele, umsolwa utholakale  ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokulandela umkhondo wakhe eMzomusha, eNanda.

Lo msebenzi ubuholwa yiqembu le-Task Team lase-Inanda SAPS ngokubambisana ne South African Police Service kanye ne-SAT Enforcement, kulandela ulwazi oluvela kwabezobunhloli bobugebengu (crime intelligence).

Kubikwa ukuthi ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndlu enegumbi elilodwa lapho umsolwa ebefihlekile khona, uzamile ukuvulela ngenhlamvu edubula ebhekise emaphoyiseni.

Lokhu kuholele ekutheni amaphoyisa aphendule ngokudubula, kwagcina ngokuthi umsolwa adutshulwe washona khona lapho.

Amaphoyisa athole isibhamu sohlobo lwe-9mm endaweni yesigameko, okusolwa ukuthi besisetshenziswa emisebenzini yobugebengu.

Amaphoyisa aqinisekisa ukuthi akukho sikhulu samaphoyisa esilimele kulesi sigameko, kanti izimo sezibuyele esimweni esijwayelekile endaweni.

Iziphathimandla ziyaqhubeka nophenyo ukuze kutholakale ukuthi lo msolwa ubexhumene kanjani nezinye izigameko zobugebengu.

Siyi Sambane News — Sikulethela iqiniso, sibuya nazo zishisa!.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *