Kushone oyedwa engozini ku-N8 eFree State
Kushone umuntu oyedwa kulandela ingozi ebandakanya imoto yeziguli yoMnyango Wezempilo e-Free State kanye nenye imoto encane (light motor vehicle).
Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-N8 eduze kwase-Mandela View, Bloemfontein.
Ngokwemibiko, abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko lapho bethole khona umuntu oyedwa eseshonile. Abanye abalimele bathole usizo lokuqala ngaphambi kokuphuthunyiswa ezibhedlela eziseduze.

Izimbangela zale ngozi zisaphenywa, kanti iziphathimandla zicele abashayeli ukuthi baqaphele emigwaqeni.
Sithumela amazwi enduduzo emndenini womufi, futhi sifisela abalimele ukululama ngokushesha.
🔗 Funda kabanzi: [https://tinyurl.com/34pyud4y]

