Iyaqhubeka ingqungquthela ye-Democratic Alliance e-Gallagher Convention Centre
Iyaqhubeka ingqungquthela yeqembu le-DA lapho izithunywa zihlangene khona eGallagher Convention Centre eGoli ukuze zidingide ikusasa leqembu.
Kule ngosi ebalulekile, izithunywa zigxile kakhulu ekudingideni izichibiyelo zomthethosisekelo weqembu, okungaholela ezinguqukweni ezinkulu endleleni iqembu elisebenza ngayo nangokuphathwa kwalo.

Le ngxoxo ibhekwa njengengxenye ebalulekile ngaphambi kokuthi kuqokwe ubuholi obusha, njengoba imithetho emisha ingathinta indlela yokukhethwa kwabaphathi kanye nezinhlelo zeqembu.
Kulindeleke ukuthi ubuholi obusha bumenyezelwe kusasa, okuzoba umzuzu obalulekile ozonquma indlela iqembu elizoyithatha ezikhathini ezizayo.
Le ngqungquthela idonse amehlo abaningi kwezombusazwe njengoba kulindeleke izinguquko ezinkulu ngaphakathi kwe-DA.


