15 Apr 2026, Wed

Owesifazane ubulawe yisoka lakhe ngemuva kokusebenzisa imali yokuthenga ukudla ebilimnike yona 

Owesifazane ubulawe yisoka lakhe ngemuva kokusebenzisa imali yokuthenga ukudla ebilimnike yona

Umphakathi wase Ethembeni endaweni eyayaziwa ngokuthi iseHlathini  ngaseBhamshela, ushaqekile ngemuva kokubulawa kowesifazane ogama lakhe nguNosipho Ngidi.

Ngokwemibiko evela emphakathini, kuthiwa isoka lakhe limnike imali yokuthi ayothenga ukudla kwasendlini. Kuthiwa uNosipho uye esitolo wasebenzisa leyo mali, okuthiwa kwaholela ekutheni kube nokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nesoka lakhe.

Kusolwa ukuthi ngemuva kwalokho, isoka lavele lambulala, ngaphambi kokuthi libize amaphoyisa lizobika ngesigameko.

Imbangela eqondile yesigameko isazophenywa, kanti amaphoyisa kulindeleke ukuthi anikeze imininingwane egcwele njengoba uphenyo luqhubeka.

Umufi ubekwe endlini yakhe yokugcina izolo, lapho umndeni, abangani kanye nomphakathi bebehlangene khona bezovalelisa.

Lesi sigameko siphinde savusa ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane, nokubaluleka kokuthi kube nezindlela eziqinile zokuvikela abesifazane emphakathini.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *