Igcine itholakele intombazane ebilahlekile eJozini, kuboshwe uYise
Kutholakale intombazanyana ebibikwe njengelahlekile eJozini, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi ibisithathwe uyise wayo.
Ngokwemibiko, le ngane ibihamba ibheke esikoleni ngesikhathi kuthiwa yanyamalala, kwaphoqa othisha kanye nomphakathi ukuthi bahlangane bayithungathe izolo.
Kuthiwa uyise wengane ugcine eyiyisa ezihlotsheni ngaphambi kokuthi abaleke, nokho amaphoyisa aphumelele ukumthola nokumbopha.

Le ntombazanyana iphuthunyiswe esibhedlela i-Mseleni Hospital njengoba kusolwa ukuthi kungenzeka iphuziswe into eyingozi, njengoba ibonakale iphukuhla amagwebu emlonyeni futhi ibuthaka kakhulu.
Uthishanhloko wasePhaweni, uMnu Nhlenyama, uthe okwamanje balinde imininingwane egcwele evela kodokotela uma ingane isiphilile kahle, ukuze kuqondakale kahle ukuthi kwenzakaleni.
Amaphoyisa aseqalile uphenyo, kanti uyise wengane ubekwe amacala afanele njengoba kusalindwe imininingwane eyengeziwe.
Umphakathi ubonge ukubambisana okuholele ekutheni ingane itholakale, kanti abaningi bathandazela ukuthi isheshe ilulame.


