Kushone ingane enonyaka owodwa (1) ubudala ngemuva kokuhlukunyezwa.
Kuvele udaba olubuhlungu nolushaqisayo ngengane encane uMary, ebiseminyaka owodwa-1 kuphela, okusolwa ukuthi ishone ngemuva kokuhlukunyezwa.
Ngokwemibiko, kusolwa ukuthi bekukhona ingxabano phakathi kukayise nonina womntwana ngaphambi kwesigameko. Kuthiwa ingane ibidlala ngaphandle nenye ingane eyayiphethe umoba, kwathi uMary waqala ukukhala efuna ukuwuthatha.
Kuthiwa ngesikhathi ememeza ebiza unina, lo wesifazane waphuma esecasukile, washaya ingane kabuhlungu yaze yaquleka. Esikhundleni sokufuna usizo, kusolwa ukuthi wayiphonsa edanyini eliseduze nomuzi.

Ingane yakamakhelwane ibike okwenzekile kunina, kwabe sekubizwa abantu, kodwa kwaba sekwephuzile — uMary wakhishwa eseshonile.
Amaphoyisa asevule uphenyo ngalolu daba.
Umphakathi ushaqekile futhi udabukile ngalesi sigameko esibuhlungu kangaka.

