25 Apr 2026, Sat

UDJ Tira uwine i-Best Kwaito ngengoma ethi ‘Awungazi’ kuma-Metro FM Music Awards 2026

 

UDJ Tira uwine i-Best Kwaito ngengoma ethi ‘Awungazi’ kuma-Metro FM Music Awards 2026

U-DJ Tira uphinde waqopha umlando emculweni waseMzansi ngokuwina indondo ye-Best Kwaito/Ggom ngengoma yakhe ethi “Awungazi”kuma-Metro FM Music Awards 2026 (#MMA26).

Le ngoma ethandwa kakhulu futhi eyahlukanisa unyaka emsakazweni iGagasi FM ithole ukunconywa okukhulu kubalandeli  bomculo, njengoba igqamisa isitayela seKwaito esidala esihlanganiswe nomsindo wanamuhla.

Abalandeli bakaDJ Tira bagubhe kakhulu lokhu kuwina kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, bethi lokhu kufakazela ukuthi usaqhubeka nokuba ngomunye wabaholi embonini yomculo waseNingizimu Afrika ikakhulukazi KwaZulu-Natal.

UDJ Tira, owaziwa ngokuphakamisa ithalente elisha kanye nokuletha ama-hit amaningi eminyakeni edlule, ubonise futhi ukuthi amandla akhe awapheli.

Lo mcimbi ububanjelwe eThekwini (Durban ICC), uhlanganise izihlabani ezinkulu zomculo, kodwa uDJ Tira uhambe phambili kulesi sigaba.

Siyamhalalisela uDJ Tira ngalempumelelo enkulu!

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *