12 Jul 2026, Sun

“Nixosha Obaba Bezingane Zodadewethu, Sizophila Kanjani?” — Owesifazane Uthukuthele Ngomkhankaso Wokuxosha Abantu Bokufika

“Nixosha Obaba Bezingane Zodadewethu, Sizophila Kanjani?” — Owesifazane Uthukuthele Ngomkhankaso Wokuxosha Abantu Bokufika

Lo wesifazane uthe kuyamcika ukubona abantu bemasha bexosha abantu bokufika, wathi abaningi babo bangobaba bezingane zodadewabo baseNingizimu Afrika. Ubuze wathi: “Manixosha abantu bokufika nithi sizophila kanjani?” Wengeze ngokuthi abanye abantu sebebalandela baze bayobaxosha nalapho sebebalekele khona.

Uthe yena uqobo wafundiswa umsebenzi kagesi (electrical) kanye ne-plumbing ngumuntu wokufika, futhi namuhla useyakwazi ukuzisebenzela ngenxa yalelo thuba alinikwa.

Lo wesifazane uphinde wabhekisa amazwi kuNgqongqoshe wamaphoyisa , uPhakelumthakathi kanye noJacinta Ngobese-Zuma, ethi:

“Wena Ngizwe Mchunu, Phakela Umthakathi nawe Jacinta, bekani u-R30 000 phansi nitshele abantu emphakathini banikhombise abantu abadayisa izidakamizwa. Kuxoshwe bona ngoba yibona ababulala izwe.”

Uqhube wathi, ngokombono wakhe, abantu abadayisa izidakamizwa yibona okufanele kugxilwe kubo, kunokuba kuxoshwe abantu abaziphilisa ngokuhweba nokuzama ukuzakhela impilo.

Uthe kuyamcika ukubona abantu abangenacala, abaziphilisa ngokudayisa izimpahla emigwaqweni nasezitolo ezincane, bexoshwa kuyilapho abantu abenza ubugebengu besala bengathintwa.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *