“Ubani Osazovotela I-ANC?” – Owesifazane Uthi Iqembu Limosha Isikhathi Ngokungenela Ukhetho
Owesifazane waseNingizimu Afrika ogama lakhe ngu-Sbahle wase Mtuba ubuza ukuthi ngabe isekhona yini imbangela yokuthi iqembu le-ANC liqhubeke nokungenela ukhetho.
Lo wesifazane uthe, noma yimuphi umuntu ozongenela ukhetho ngaphansi kwe-ANC usuke edlala ngesikhathi sakhe ngoba akaboni ukuthi kusenabantu abazimisele ukulivotela leli qembu.
Uthe:
“Nalo oyi-ANC ozosukuma ethi ungena esigxotsheni ukuze avotelwe uyadlala.”
Uqhube wabuza wathi:
“Ubani ngempela osazovotela i-ANC?”
Lo wesifazane uthe i-ANC imosha isikhathi ngokungenela ukhetho, wengeza ngokuthi lokhu kuphinde kulahle nevoti labantu baseNingizimu Afrika.
Amazwi akhe adale imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bavumelane nombono wakhe, kanti abanye bawuphikisile, bethi abantu bazonquma ngesikhathi sokhetho ukuthi yiliphi iqembu abalifunayo ukuba libahole.
Njengoba kusondela ukhetho loHulumeni Basekhaya luka-2026, kulindeleke ukuthi imibono efana nalena iqhubeke nokudonsa amehlo njengoba amaqembu ezepolitiki eqhubeka nemikhankaso yawo ezweni lonke.
#IsambaneNews #IzindabaZeSambane #ANC #LocalGovernmentElections2026 #Politics #SouthAfrica

