UNgqongqoshe Wezobulungiswa uMmamoloko Kubayi Uthi Abokufika Abafuna Ukushiya iNingizimu Afrika Mabaye Kumanxusa Amazwe Abo
UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, uthi abokufika abafisa ukuphuma eNingizimu Afrika benza okufanele ngokuxhumana namanxusa amazwe abo akuleli.
UKubayi uthe ukuya enxuseni lezwe lakubo kuyinqubo esemthethweni okufanele ilandelwe yilowo nalowo ofuna ukubuyela ezweni lakhe.
“Yileyo inqubo efanele,” kusho uKubayi.
Uveze ukuthi amanxusa anendima ebalulekile ekusizeni izakhamuzi zawo ngamadokhumenti adingekayo kanye nokuhlela ukubuyela emazweni azo ngendlela ehambisana nomthetho.
Amazwi akhe eza ngesikhathi udaba lwabokufika kanye nokubuyela kwabanye emazweni abo luqhubeka nokuba sematheni eNingizimu Afrika, njengoba uhulumeni uqhubeka nokugcizelela ukubaluleka kokulandela izinqubo ezisemthethweni.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #abokufika

