Umfana Omncane Uthi Abanye Abantu BaseNingizimu Afrika Bayavilapha Nokuthi Umkhankaso We-March and March Awusizi
Sekusabalale ividiyo ezinkundleni zokuxhumana lapho kuzwakala khona umfana omncane eveza umbono wakhe ngokwenzeka eNingizimu Afrika mayelana nabantu bokufika kanye nomkhankaso we-March and March.
Kule vidiyo, lo mfana uthi abanye abantu baseNingizimu Afrika benza into angaboni ilungile. Uphinde wathi, ngokombono wakhe, bayavilapha futhi into abayijwayele ukuyenza ukuvuka ekuseni baphuze ubhiya bese kamuva baxosha abantu bokufika.
Lo mfana uqhubeke wathi umkhankaso we-March and March, ngokubona kwakhe, awusizi futhi awulethi izixazululo ezinkingeni ezibhekene nezwe, kusho lomfana.
Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi indlela akhuluma ngayo lo mfana ayibonakali ikhombisa ukukhuliswa ngemfundiso eqinile ekhaya nokuhlonipha abanye ikakhulukazi abantu abadala. Baphinde bathi bakhathazekile ngamazwi awasebenzisile kanye nendlela azwakalise ngayo umbono wakhe njengoba emncane kanje!
Ividiyo esigabeni sokuphawula
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba

