12 Jul 2026, Sun

UPhakelumthakathi Uthi Uzokwenza Isiqiniseko Sokuthi Kudaleka Amathuba Emisebenzi Ayisigidi Ngaphambi Kokuphela Konyaka

UPhakelumthakathi Uthi Uzokwenza Isiqiniseko Sokuthi Kudaleka Amathuba Emisebenzi Ayisigidi Ngaphambi Kokuphela Konyaka

Umholi woBunsizwa Nobunsizwa Development Foundation, uPhakelumthakathi, uthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuqinisekisa ukuthi ngaphambi kokuphela konyaka kube sekudaleke amathuba emisebenzi ayisigidi (1 million permanent jobs) eNingizimu Afrika.

Lokhu kulandela ukuvela kwabantu abayizinkulungwane abathi sebeqashiwe ezindaweni ezahlukene ngemuva kokuthi abanye abantu bokufika besukile emisebenzini, okuthiwa kudale izikhala zemisebenzi kubantu bakuleli.

UPhakelumthakathi uthi lokhu kuyisiqalo nje, futhi usanethemba lokuthi isethembiso sakhe sizofezeka njengoba kuqhubeka lo mkhankaso.

Ekhuluma ekhasini lakhe, uthe:

“1 Million Permanent Jobs 🇿🇦❤️📍.
We say it, we commit to it, we work on it and we achieve ‼️‼️🤞🏾.
UMvelikuqala uthanda Okuhle futhi weseka Okuhle njalo. 👏🏾🙌🏾🧎🏽🇿🇦.”

Amazwi kaPhakelumthakathi adale izinkulumo ezahlukene ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bathi bayaweseka lo mkhankaso futhi bakholelwa ukuthi uzoletha amathuba emisebenzi kubantu abaningi baseNingizimu Afrika, kanti abanye bathi kusazodingeka kubonakale ukuthi isethembiso sakhe sokudala amathuba emisebenzi ayisigidi sizofezeka ngaphambi kokuphela konyaka.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *