14 Jul 2026, Tue

Umama Zandile Gumede Ushintshe Konke!

Usuke EWeseli Wayobhabhadiswa KwaShembe, Walaxaza I-ANC Wajoyina iMK Party.

Lowo owayeyiMeya yeTheku futhi eyilungu elidala le-ANC, uZandile Gumede, usejoyine ngokusemthethweni uMkhonto weSizwe (MK Party), lapho emenyezelwe khona njengoSekela Mxhumanisi (Deputy Convenor) weqembu KwaZulu-Natal.

Ukumenyezelwa kwakhe kwenziwe nguNobhala Jikelele weMK Party, uSbonelo Nomvalo, ngesikhathi iqembu libambe isithangami sabezindaba eThekwini namuhla.

Ukujoyina kukaGumede iMK Party kuza ngemuva kokuba esanda kushiya i-ANC, iqembu abelililungu lalo iminyaka eminingi.

Ngaphandle kwezinguquko zakhe kwezombusazwe, uGumede uphinde wenza ushintsho empilweni yakhe yezenkolo ngesikhathi eshiya iBandla laseWeseli wayobhabhadiswa eBandleni lamaNazaretha kwaShembe.

Manje, usephinde wenza olunye ushintsho olukhulu ngokuzibandakanya neMK Party, lapho esethweswe khona isikhundla sobuholi ngaphakathi kweqembu KwaZulu-Natal.

Lesi sinyathelo kulindeleke ukuthi siqhubeke sidonse amehlo njengoba singesinye sezinguquko ezinkulu kwezombusazwe KwaZulu-Natal.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #zandilegumede #MkParty #anc

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *