13 Jul 2026, Mon

UMtolo uthi: “Uma I-MK Iwina eHarry Gwala, Ngizonika UNomvalo Zonke Izinkomo Zami!”

UBheki Mtolo uthi: “Uma I-MK Iwina eHarry Gwala, Ngizonika USibonelo Nomvalo Zonke Izinkomo Zami!”

Lowo owayenguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uBheki Mtolo, useveze ukuzethemba okukhulu ngokuthi i-ANC izoqhubeka nokulawula bonke omasipala abangaphansi kwesifunda saseHarry Gwala ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.

UMtolo uthe akaboni uMkhonto weSizwe (MK) Party unamandla okuthatha ngisho umasipala owodwa kulesi sifunda, wathi i-ANC isazoqhubeka nokuba yiqembu elibusayo eHarry Gwala.

Ekhuluma ngalolu daba, uMtolo wenze isethembiso esidonse amehlo abaningi.

“Asikhathazekile ngeMK. Esifundeni sami ngeke bawine ngisho umasipala owodwa. Lindani kuze kube ukhetho. Tshelani uSibonelo Nomvalo ukuthi uma iMK iwina eHarry Gwala, ngizomnika zonke izinkomo zami,” kusho uMtolo.

Lesi sitatimende sesidale umsindo omkhulu njengoba iHarry Gwala ibhekwa njengenye yezindawo lapho kulindeleke umbango oshubile phakathi kwe-ANC neMK Party. UNobhala Jikelele weMK, uSibonelo Nomvalo, naye ungowalesi sifunda, okwenza lo mncintiswano ubhekwe ngabomvu.

Nokho, uMtolo ugcizelele ukuthi akesabi iMK futhi ukholelwa ukuthi i-ANC isaqinile ngokwanele ukuba igcine bonke omasipala bakhona.

Amazwi akhe asesuse inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bathi ukhombise ukuzethemba okukhulu ngeqembu lakhe, kanti abanye bathi isikhathi sokhetho kuphela esizoveza ukuthi ubani ozobe ekhuluma iqiniso.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #ANC #MKParty #BhekiMtolo #HarryGwala

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *