“UNdunankulu WaseLimpopo Udakiwe!” – Ngizwe Mchunu
UNgizwe Mchunu Uphikisa Amazwi Akhe Okuthi I-March and March Akufanele Ingene ELimpopo.
UMengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu usegxeke kakhulu uNdunankulu waseLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, wathi uyaphambuka ngokuthi inhlangano iMarch and March akufanele ingenele odabeni lwabokufika abangekho ngokusemthethweni esifundazweni saseLimpopo.
UNgizwe uze wasebenzisa amazwi aqinile, wathi uRamathuba “udakiwe”, ephikisa inkulumo yakhe yokuthi abantu bangaphandle kwesifundazwe mabangazibandakanyi nezinkinga zaseLimpopo.
Ngokusho kukaNgizwe, udaba lwabokufika abangekho ngokusemthethweni akulona olwaseLimpopo kuphela, kodwa luyinkinga kazwelonke ethinta zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
Uthe ngenxa yalokho, iMarch and March inelungelo lokusebenza kunoma yisiphi isifundazwe lapho ikholelwa khona ukuthi kunenkinga yokungena kwabantu ngokungemthetho.
Lawa mazwi kaNgizwe afike ngemuva kokuthi uDkt Ramathuba ethe abantu bangaphandle kweLimpopo akufanele bazongenelela ezindabeni zesifundazwe sakhe, okudale impikiswano enkulu ezinkundleni zokuxhumana nakwezombusazwe.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #drphophiramathuba #ngizwemchunu #limpopo

