14 Jul 2026, Tue

Uyidada Futhi Ungumgodoyi!” – UNgizwe Mchunu Ubonga ISilo Ngokuxosha uMfundisi Thulasizwe Buthelezi

“Uyidada Futhi Ungumgodoyi!” – UNgizwe Mchunu Ubonga ISilo Ngokuxosha uMfundisi Thulasizwe Buthelezi

UMengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu uthi  uMfundisi Thulasizwe Buthelezi “uyidada futhi ungumgodoyi,” wengeza ngokuthi iSilo senze isinqumo esifanele ngokumsusa esikhundleni sokuba uNdunankulu weSilo kanye neSizwe samaZulu.

Ngokusho kukaNgizwe, ubuholi bukaButhelezi bebungasenalo ithemba futhi wayengasayimele kahle imisebenzi ayeyiphathisiwe. Uthe ukuxoshwa kwakhe kuzovulela omunye umuntu ithuba lokusebenzela iSilo nesizwe samaZulu ngendlela engcono.

La mazwi kaNgizwe afike ngemuva kokuthi iHhovisi leSilo limemezele ukuthi uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ususiwe esikhundleni sakhe, kwathi iNkosi uPhathisizwe Chiliza waqokwa njengondunankulu omusha weSilo.

Amazwi kaNgizwe Mchunu asehlukanise imibono ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bavumelane naye bathi iSilo besinelungelo lokwenza ushintsho ebuholini baso, kanti abanye bathi indlela asebenzise ngayo amagama okugxeka uButhelezi ayifanele.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *