15 Jul 2026, Wed

‘Phumani KwiMK Party!’ – UMary Phadi Unxuse Amalungu Ukuba Ashiye Umkhonto WeSizwe, Ajoyine i-ActionSA

“‘Phumani KwiMK Party!’ – UMary Phadi Unxuse Amalungu Ukuba Ashiye Umkhonto WeSizwe, Ajoyine i-ActionSA

Owayeyilungu loMkhonto weSizwe Party (MKP), uMary Phadi, unxusa amalungu eMK Party ukuthi aphume eqenjini futhi ajoyine i-ActionSA.

UPhadi, owaxoshwa kuMK Party futhi manje oseyiMpumalanga Provincial Campaign Manager we-ActionSA, ukhulume lokhu ngemuva kokumenyezelwa kokuthi owayenguMeya waseThekwini, uZandile Gumede, usejoyine iMK Party.

Ebhala ezinkundleni zokuxhumana, uPhadi uthe:

“Qhubekani nisebenze on the ground nisebenzele abanye, anikafiki nakuLGE. Isukile so early. Ye ye ye phumani kwi-MKP. Mina ngisiza nina, just join ActionSA! Abanye benu bayokhala! Some of you will regret!”

La mazwi kaPhadi asho ukuthi ukholelwa ukuthi amalungu eMK Party kufanele acabange ukushiya leli qembu futhi ajoyine i-ActionSA, exwayisa ngokuthi abanye bangase bazisole ngokuhlala ngaphakathi kweMK Party.

Inkulumo yakhe ifike ngesikhathi iMK Party iqhubeka nokwamukela amalungu amasha avele kwamanye amaqembu ezepolitiki, okuhlanganisa noZandile Gumede.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #marypadi #actionsa #MKParty

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *