23 Jul 2026, Thu

Amaphoyisa Abophe Abantu Bokufika Abangu-48 Abangenawo Amaphepha eGauteng

Amaphoyisa Abophe Abantu Bokufika Abangu-48 Abangenawo Amaphepha eGauteng, Kwavalwa Nama-Liquor Outlets

UKhomishana Wamaphoyisa esifundazweni saseGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, uhole omunye umsebenzi omkhulu wokulwa nobugebengu, i-High-Density Operation Shanela II, ezindaweni ezingaphansi kweJeppe neCleveland eJohannesburg District.

Ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi, amaphoyisa abophe abantu bokufika abangu-48 okusolwa ukuthi bephule i-Immigration Act ngokuhlala eNingizimu Afrika bengenawo amaphepha asemthethweni.

Amaphoyisa aphinde avala izindawo ezine ezidayisa utshwala ngenxa yokungahambisani neGauteng Liquor Act, kwathi kwatholakala nesibhamu esisodwa esingekho emthethweni.

Emkhankasweni wokulwa nokumbiwa kwegolide ngokungemthetho, amaphoyisa athathe imishini okubalwa kuyo ama-generator ayisishiyagalombili kanye nama-phenduka angu-19.

IGauteng Traffic Police kanye neJohannesburg Metropolitan Police Department (JMPD) nabo bakhiphe izinhlawulo kubashayeli abahlukumeze imithetho yomgwaqo.

Khonamanjalo, abaseshi baseGauteng babophe abasolwa abangu-971 ababefunwa ngamaphoyisa ngobusuku obubodwa. Kulaba, abangu-223 kuthiwa bebefunwa ngamacala athinta abesifazane nezingane.

Lo msebenzi uyingxenye yemizamo eqhubekayo yamaphoyisa yokuqinisa ukulwa nobugebengu, ukuqinisa ukuphepha emiphakathini kanye nokubhekana nezenzo ezingekho emthethweni.

#IsambaneNews #OperationShanela #Gauteng #SAPS #CrimePrevention #IllegalImmigration #IllegalMining #Johannesburg

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *