UJACINTA NGOBESE-ZUMA UYAPHIKA UKUTHI UMHOLI OHAMBA NABASOMALI UHAMBISANA NE-MARCH AND MARCH
Umholi we-March and March, uJacinta Ngobese-Zuma, uthi uthola izingcingo eziningi kubantu baseClermont abambuza ngomunye umholi obonakala ehamba nabantu baseSomalia futhi ebasiza ukuvula izitolo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi lo mholi eke wabonakala elwa nodaba lwabantu bokufika, ehamba noJacinta Ngobese-Zuma kanye ne-March and March.
UJacintha uthi abantu baseClermont bebemfonela bembuza ngalo mholi, njengoba bebona sengathi useshintshile futhi usebenza nabantu baseSomalia.
“Guys, ngithola izingcingo eziningi kakhulu kubantu baseClermont abathi kukhona umholi ohamba nabantu baseSomalia futhi ebasiza ukuvula izitolo, ngemuva kokuba ebonakale elwa nodaba lwabantu bokufika ehamba nathi,” kusho uJacinta.
Uthi bayayazi le ndaba, kodwa uyacacisa ukuthi lo mholi akasahambi ne-March and March futhi bona abazi lutho ngezinto azenzayo.
“Guys, siyayazi leyo nto, kodwa akahambi nathi futhi asiyazi le nto ayenzayo. Kuthiwa uzenza nekhansela laleyo ndawo, hhayi nathi,” kusho uJacinta.
#IsambaneNews #JacintaNgobeseZuma #MarchAndMarch #Clermont #Somali #SouthAfrica #Immigration

