27 Jul 2026, Mon

ABALANDELI BE-KAIZER CHIEFS BATHI UKUWINA I-TOYOTA CUP 2026 KUYISIBONAKALISO SOKUTHI IZINDebe EZININGI ZISEZA

ABALANDELI BE-KAIZER CHIEFS BATHI UKUWINA I-TOYOTA CUP 2026 KUYISIBONAKALISO SOKUTHI IZINDebe EZININGI ZISEZA.

Abalandeli be-Kaizer Chiefs bathi ukunqoba i-Toyota Cup 2026 kuyisibonakaliso sokuthi iqembu labo selikulungele ukuqoqa ezinye izindebe eziningi njengoba sekusondela ukuqala kwesizini ye-PSL ka-2026/27.

AmaKhosi abedlala e-Royal Bafokeng Stadium eRustenburg, lapho ehlule khona ompetha baseZimbabwe, i-Scottland FC, ngo-1-0.

Igoli elinqobe umdlalo lishaywe ngu Mfundo Vilakazi, kwathi iKaizer Chiefs yaphakamisa i-Toyota Cup okwesithathu kulandelana.

Abalandeli bathi le ndebe ingaba yisiqalo esihle ngaphambi kwesizini entsha, njengoba bekholelwa ukuthi iqembu selithole ukuzethemba okudingekayo ukuze liqhudelane ngezindebe ezinkulu ngesizini ka-2026/27, kwazise selinomqeqeshi omusha.

IKaizer Chiefs nayo ithe lokhu kube “yindlela enhle yokwakhela kuyo njengoba kusondela isizini ka-2026/27”, yaphinde yabonga bonke abalandeli abahambe bayoyeseka eRustenburg kanye noToyota South Africa.

“Love and Peace.” 💛🖤

#ToyotaCup #KaizerChiefs #Amakhosi #IsambaneNews #IzindabazeSambane

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *