28 Jul 2026, Tue

“UBUNTU BUSAPHILA” — UYENZIWE UNCONYWA NGOMKHANKASO WOKUSEKELA UL’VOVO DERRANGO 

 “UBUNTU BUSAPHILA” — UYENZIWE NDIMANDE UNCONYWA NGOMKHANKASO WOKUSEKELA UL’VOVO DERRANGO. 

Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bancome umsebenzi owenziwe ngu-Yenziwe Ndimande, ngemuva kokuba eqale umkhankaso wokweseka umculi weKwaito, uL’vovo Derrango.

Lokhu kuqale ngemuva kokuba uYenziwe ebone ividiyo kaL’vovo ehambele isonto lika Ps Vusi Dube, lapho abaningi bebone ukuthi usesimweni esinzima sempilo kulandela ukushaywa yi-stroke.

Ngemuva kwalokho, uYenziwe waphakamisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuqoqwe imali yokusiza uL’vovo, umbono owathola ukwesekwa okukhulu kubantu baseNingizimu Afrika.

Ubuntu babantu buvele ngokusobala njengoba sekuqoqwe imali engaphezu kuka-R200,000 yokweseka uL’vovo.

Lo mkhankaso uphinde wathola umfutho ngemuva kwengxoxo ethinta inhliziyo kaL’vovo noLinda Sibiya ku-Gagasi FM ngeSonto, lapho ekhulume khona ngokululama kwakhe ngemuva kokusinda ekushayweni yi-stroke okwacishe kwamlahlekisela ngempilo.

Abantu abaningi bathi lokhu kukhombisa ukuthi umoya woBuntu usaphila eNingizimu Afrika, njengoba umphakathi uhlangene ukusiza omunye wabaculi abahlonishwayo kuleli.

“Uma sibambisana, singenza umehluko empilweni yomunye umuntu.”

#IsambaneNews #IzindabaZeSambane #LVovoDerrango #YenziweNdimande #Ubuntu #GagasiFM #LindaSibiya #SouthAfrica #BreakingNews

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *