UBIG ZULU UNIKELE NGO-R15 000 UKUSIZA UMNDENI KASCEBI
Umrepha wakuleli uBig Zulu usephendule isicelo sokusiza umndeni kaScebi iNkosi’Yamagcokama Dlamini, ngokunikela ngo-R15 000 ukuze kusizwe ekuqedeni ukwakhiwa kwendlu kaScebi.
UScebi udlule emhlabeni indlu yakhe ingakapheli, nokwenze ukuthi kube nohlelo lokucela abalandeli, abaculi, izinkampani kanye nomphakathi ukuthi balule isandla ukuze iphupho lakhe lokuba nomuzi ophelele lifezeke. 🕊️💔
Njengamanje sekukhishwe imininingwane yasebhange kulabo abafisa ukunikela ngemali, kanti noma yiliphi inani lingasiza ekufezeni le nhloso.

🙏 Asibambisaneni siqede indlu kaScebi.
🕊️💔 R.I.P Scebi iNkosi’Yamagcokama Dlamini.

