30 Aug 2026, Sun

💔 KUSOLWA USHEVU NGOKUSHONA KWEZINGANE EZIMBILI ZAKWA MSWELI

💔 KUSOLWA USHEVU NGOKUSHONA KWEZINGANE EZIMBILI ZAKWA MSWELI

Izingane zakwa Msweli eBhubhubhu, kwaMthethwa, ngaseMpangeni, KwaZulu-Natal, okubikwa ukuthi zishone ngoMgqibelo ngesikhathi bezidlala egcekeni nezinye izingane.

UThando, oneminyaka emine, kanye no-Emihle, oneminyaka emithathu, kubikwa ukuthi baqale ukukhihliza amagwebu ngesikhathi bedlala, nokwaholela ekutheni baphuthunyiswe emtholampilo waseNseleni.

Ngesikhathi befika emtholampilo, kwatholakala ukuthi lezi zingane sezidlulile emhlabeni. 💔😭

Imbangela yokushona kwazo ayikaziwa okwamanje, kodwa kusolwa ukuthi kungenzeka ukuthi zifakelwe ushevu, njengoba zagula ngokuzuma ngesikhathi zidlala.

Lesi sigameko sishiye umndeni nomphakathi wakwaMthethwa udidekile futhi udabukile, njengoba kusafunwa izimpendulo zokuthi yini ngempela eyenzeke kulezi zingane ezincane.

Umasipala waseMfolozi, oholwa yiMeya uXolani Bhengu, uthe uzokwelekelela umndeni ngokufihlwa kwalezi zingane, nakuba usuku lomngcwabo lungakamenyezelwa.

Umndeni nomphakathi manje balindele ukuthi uphenyo nemiphumela yezokwelapha iveze imbangela yangempela yokushona kukaThando no-Emihle.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *