“NGABE NGIYASHUTHA NAWE MANJE, NGIGANILE”
Ihlabe umxhwele abantu abaningi inkulumo yowesifazane owenqabe ukushutha no-Mthandeni SK, wathi yena ngeke akwenze lokho ngoba uganile.
Lo wesifazane ubonakale ebambe isithunzi sakhe, ngesikhathi umngani abehamba naye yena ejabulela ukuthatha isithombe no-Mthandeni SK .
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bamthakasele lo wesifazane, bethi ukuzihlonipha kwakhe kuyisibonelo esihle, ikakhulukazi ngesikhathi abantu abaningi befuna ukuthatha izithombe nosaziwayo besilisa uma behlangana nabo.
Kuthiwa ukusabalala kwale vidiyo sekudale nokuthi abantu baze bazame ukuthola imininingwane yakhe yaseCapitec Bank, ngenhloso yokumsekela ngemali.
Abanye bathi le ntokazi “umuntu wokuthathwa”,nakuba ithathiwe njengoba ibonise ukuthi ngisho noma ihlangana nosaziwayo, ayizimisele ukweqa imingcele ngenxa nje yokuduma komuntu.
Le nkulumo ethi:
“Ngabe ngiyashutha nawe manje, ngiganile.”
ishiye abantu abaningi beyishayela ihlombe, bethi inhlonipho nokuzihlonipha kusabalulekile kumuntu wesifazane. 👏🏽❤️
Ividiyo esigabeni sokuphawula.
👇
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba

